Umsebenzi wekhandlela eli Yellow, Ikhandlela lokuphasa, ukufunda, ukuhlakanipha. Uma ungumfundi lelikhandlela likunika ukuhlakanipha, liyakukhanyisela ezifundweni. Uyalisebenzisa ukuze uthole ukuhlakanipha nokucabanga kancono. U-Yellow candle uyawusebenzisela ukuheha abantu ukuthi bakuthande. Ikhandlela logazi nokuthandwa. Lekhandlela likunika ithemba, ukuzethemba, lisebenzise lapho uyokhuluma phakathi kwabantu, lisebenzise lapho uphelelwa khona yithemba futhi wesaba. Uyalisebenzisa ukunqoba ama-bad habits. Uma ungumuntu othandaza Ukuthandaza ngamakhandlela ikhandlela elimhlophe neli yellow iwona makhandlela owasebenzisayo lawo. Uma uphahla futhi ikhandlela eli yellow kanye nelimhlophe lijwayele ukungasali futhi.
Amakhandlela a yellow ayasetshenziswa uma uphahla amele izidalwa zasekhabo mama wakho. Ikhandlela elimhlophe uma uphahla ngalo limele izidalwa zakini kubo kababa wakho. Ukuthandaza ngamakhandlela ngamakhandlela a yellow akunankinga liyikhandlela elihle neliphephile.
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |